Imvume yebhizinisi, yimvume ekhishelwa umuntu wangaphandle ofisa ukusungula noma ukutshala izimali kwibhizinisi eNingizimu Afrika. Yenza isicelo kumanxusa eNingizimu Afrika noma i-mission noma ihhovisi eliseduzane lezaseKhaya eliseduzane nalapho kuzosungulwa khona ibhizinisi.
imali yenani okungenani elingu-R2,5 miliyoni elingukheshi noma okungenani uR2 miliyoni okungukheshi kanye nekhapitali engu-R500 000. Inani elingaphezulu kumele libe ngeliphuma ngaphandle, nakhona kumele libe yimali ekhona engatshalwa njengengxenye ye-book value yebhizinisi iplani yebhizinisi echaza ngemibandela eyenza neqinisekisa ukuthi ngemepla ibhizinisi ngelingaphumelela, esikhathini esifishane kanye nesikhathi eside ubufakazi bokuzibophela ukuthi okungenani kuzoba nezakhamizi okungenani ezinhlanu noma abanelungelo lokuhlala unomphela abazoqashwa ngokuphelele isimemezelo sokuzibophezela ukuthi uzobhalisa nabophiki lwezimali zentela ezingenayo abe-South African Revenue Service isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa somenzi wesicelo sawo onke amazwe umenzi wesicelo kanye nowakwakhe abahlale kuwo, ukusukela kwiminyaka engu-18, kanye nezingane ezincike kuye ezineminyake engu-18 ukuya kwephezulu, ezizobe zihamba nomenzi wesicelo ezweni isitifikedi sogonyo lwesifo se-yellow fever uma uzohamba noma unenhloso yokuhamba udlule endaweni evamise ukuba nesifo se-yellow fever idiphozithi yokubuyiselwa ezweni lakini, elingana ithikithi elilodwa lokubuyela ezweni lapho obuya khna noma lapho onelungelo lokuhlala khona unomphela: Leyo diphozithi izobuyiselwa ngemuva kokuba usuhambile noma ngemuva kokuba usuthole imvume. Ukukhokhwa kwediphozithi kungenziwa ngokukhokha ngesheke eligarantwe yibhangi noma nge-credit card ezindaweni lapha okukhona le fasilithi imibiko yodokotela kanye nezama-x-ray , kumenzi wesicelo ngamunye. Izingane ezineminyaka engaphansi kwengu-12 kanye nabesimame abakhulelwe asikho isidingo sokuthi bebenemibiko yeze-x-ray.
Asikho isikhathi esibekiwe sale nkonzo.
Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.
